"Akukuhle ukuthi kukhulunywe kuthiwe kumele ukuzinikela kweNational Union of Metalworkers of SA (Numsa), kubophe uVavi ndlela thize, futhi angeke iNumsa ikhulume ithi sekumele ngishiye iCosatu," kucashunwa uVavi.
"Akusebenzi kanjalo."
UVavi usho kanjena ekhuluma nabangu-500 abakade bemele abasebenzi eWestern Cape, emahhovisi eCongress of SA Trade Union, aseKapa.
UVavi ubuyele emsebenzini kuyo le nyanga ngemuva kokumiswa isikhathi esiyizinyanga ezingu-8, ngemuva kokuthi kwatholakala ukuthi wazitika ngocansi nesisebenzi somfelandawonye.
ICosatu iyaqhubeka nokweseka i-ANC njengoba kuyiwa okhethweni kanti iNumsa yaziqhelelanisa nokweseka i-ANC.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).