Durban – UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo uzwakalise ukukhathazeka “ngokukholwa kuze kweqe” kwabafundi abathunyelwa eCuba ukuba bayofundela ubudokotela.
Uthi lokhu kuzophazamisa izifundo zabo.
UDhlomo uphawule kanje uMgungundlovu ekhuluma nekomidi lezempilo lesifundazwe kulandela imibiko eminingi ethi la bafundi sebevule izinkonzo eCuba, bachitha isikhathi sabo bethandaza nokuthi bafunde.
“Angimelene nomthandazo kepha engikushoyo ukuthi ungachitha kanjani amahora amaningi ukhuleka futhi ushumayela kodwa ube ufundela ubudokotela,” kusho uDhlomo.
OLUNYE UDABA: Kuzokwelulekwa abakuleli abafunda eCuba
Uthe uyilinde ngamehlo abomvu imiphumela yabafundi bakuleli abathunyelwa eCuba, iningi labo eliphuma kulesi sifundazwe.
“Yidlanzana labafundi elenza lo mkhuba, ngikhathazekile ukuthi la bafundi bazonikeza lesi sifundazwe igama elibi. Asisho ukuthi abangathandazi, kepha izinto kumele zenziwe ngendlela.”
Uhulumeni uthumela abafundi eCuba, ikakhulukazi labo abaqhamuka emakhaya angamile kahle, ukuba bayofunda eCuba.