Johannesburg – ITreatment Action Campaign (TAC) ithi umbiko wayo wakamuva utshengisa ukuthi iyashoda kakhulku imishanguzo yokuthithibalisa isandulela ngculazi kuleli.
NgeSonto uNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi uthe yize iNingizimu Afrika kuyilona izwe eliqhuba uhlelo lwama-ARVs olukhulu kunawo wonke emhlabeni, kepha awashodi.
OLUNYE UDABA:Umsolwa uthi ama-ARVs abulale intombi yakhe
Ungqongqoshe ubephendula imibiko ethi abantu bayajikiswa emithlampilo ngoba engekho la maphilisi, ikakhulukazi KwaZulu-Natal.
Nokho owale nhlangano, u-Anele Yolwa, uthi enye into edala izinkinga ukungaphathwa ngendlela kwale mishanguzo emazingeni aphansi.