Cape Town - Kukholakala ukuthi ingane eyodwa kwezimbili eNingizimu Afrika iphuza utshwala ngokungemthetho njengoba iminyaka ebekiwe yokuqala ukuphuza iqala ku-18 ubudala, ngokusho koncwasingo olukhishwe ngoLwesithathu.
"Ucwaningo luveze ukuthi u-50% wabantu abaphendulile ngesikhathi kwenzizwa ucwaningo bakholelwa ekutheni kumele kuvunyelwe ukuba nalabo abangaphansi kweminyaka engu-18 baphuze utshwala,” kusho inkampani ebiyenza ucwaningo, iPondering Panda esitatimendeni.
"Bangu-43% abantu abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-17 ubudala abathe kumele iminyaka yehliswe ibengaphansi kuka-18 uma kuqhathaniswa nabangu-54% abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-24 kanye nabangu-48 abaphakathi kuka-25 no-34 ubudala."
Ngokwahlukana kwezinhlanga, intsha yabamhlophe eNingizimu Afrika iyona ekhombise kakhulu ukuba ifuna yehliswe iminyaka ibe ngaphansi kuka-18 ubudala.
"Ngokwahlukana kwezifundazwe, u-59% wabaphendulile eNorth West, u-57% eLimpopo, kanye no-57% eFree State bafuna ukuba iminyaka yokuphuza ngokusemthethwe ibengaphansi kuka-18 ubudala."
Abantu basesifundazweni saKwaZulu-Natal bakhombise ukungahambisani nokwehliswa kweminyaka.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).