Cape Town – Ayengekho amathuba okuthi angasinda ama amawele amancane
okusolakala ukuthi agwazwa yisoka likanina wawo ngokusho kmbiko.
Lokhu kuvele
eNkantolo ePhakeme yaseWestern Cape ngoLwesine ngesikhathi udokotela owahlola
izidumbu zawo uLouis Mari Kruger ethula ubufakazi.
Ngokubika kwe-Cape Times
ubethula ubufakazi emacaleni athweswe uHeinrich Siegels owayethandana nonina
wala mawele.
USiegels usolwa ngokubulala
amawele aneminyaka emibili ubudala uRanecia noRanetha Neelse eCaledon
eminyakeni emibili eyedlule.
OLUNYE UDABA: Ulandise inkantolo ngendlela abulala ngayo izingane zakhe
Kuthiwa uSiegels uyawaphika amacala angu-9
athweswe wona njengoba atshela inkantolo ukuthi akakhumbuli okwenzeka ngobusuku
besigameko ngemuva kokuzumeka ngobusuku bangomhlaka 14 kuDisemba 2012.
Kuvele
ukuthi wasebenzisa isihluku ukugwaza la mawele amantombazane njengoba ayengekho
amathuba okuthi ayengasinda emanxebeni awathola.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho