Johannesburg - Isifundazwe saKwaZulu-Natal yisona sifundazwe esinabantu abaningi ababhuqwa yi-TB kuleli laseNingizimu Afrika.
Umbiko ukhishwe yiNhloko yoMnyango wezeMpilo uSibongile Zungu.
"Isifundazwe sethu yiso esizihola phezulu kuze i-Eastern Cape, Gauteng neWestern Cape," kusho uZungu.
Ngokwezibalo zango-2013, babengu-99 067, abantu abane-TB esifundazweni, abangu-6916 kulaba, kwabe kuyizingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ubudala.
Izindawo ezihlaseleke kakhulu yilezo ezigudla ugu, kube iseThekwini nasoThungulu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.