Johannebsurg - Ukuba yisangoma esiyisitabane akusiyona inkinga, kusho uBongani Lekoto, othi ezinye izangoma zidlala umona nje ngaye.
“Ezinye izangoma ezindala azingifuni kumele zihlukane nami phansi nje,” usho kanje.
UBongani Lekoro uthi usekhathele yizangoma ezimkhuluma kabi zithi ulala namathwasa akhe.
“Phumakimi!” – Yilokho afisa ukuzitshela khona.
Uthi amathwasa akhe ngeke awenze lutho.
Funda nalolu daba: 'Zingathandana esithe izitabane'
UBongani waseHoneydew, eGoli, uthi ezinye izangoma zinomona ngaye ngoba wethwasisa abantu abaningi kunazo.
“Kumele bayeke nje ukuqamba amanga kumathwasa ami nasemindenini yawo,” usho kanje.
“Impela, ngilala nabesifazane nabesilisa, kodwa amathwasa ami ngiyawahlonipha,” kusho uBongani othi waqala ukuba yisangoma eneminyaka engu-14 ubudala, kubika iDaily Sun.
Uqhube wathi abantu abanake izindaba zabo bahlukane naye phansi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook