Durban – Kuhlaselwe abantu baseCongo abahlala eSiphingo futhi abanamabhizinisi kule ndawo, kwacekelwaphansi nendlu abebehlala kuyona.
Izakhamuzi kuthiwa zitshele abokufika ukuthi iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini ubabekele kuze kube u-Ephreli 1 ukuba baphume baphele kuleli, baphindele emazweni abo.
Kodwa uSihlalo weRoyal Household Trust, uJaji Jerome Ngwenya, ukuphikile ukuthi izakhamuzi zikwenze lokhu ngemuva kwamazwi eSilo, wathi udlame luqale ngesikhathi abokufika belwa bodwa endaweni yaseMlazi.