Cape Town - Ingaphezu kwekhulu intsha yasezikoleni ezinhlanu ezahlukene ehlolelwe igciwane lengculaza njengomgubho wosuku lwentsha elokishini eNyanga, eKapa.
Iphephandaba i
Daily Sun ibike yathi leli yingxathu elithathwe nguMnyango wezeMpilo kumasipala, ukugqugquzela ukuziphatha ngendlela eyamukelekile kubafundi.
Intsha ilulekwe ukuthi inake izifundo zayo ingabi nengcindezi yokuzibandakanya nezocansi.
“Sihlele ukuthi abafundi bahlolelwe esidlangalaleni ngoba besifuna bazizele bona bengaphoqiwe," kusho u Lungiswa James ovela ehhovisini lemeya.
“Bekumnandi, sifundiswe ukuziphatha nanokuthi singazibandakanyi nocansi nabantu abaningi," kusho umfundi uNozuko Mhlana, 18.
UZiyanda Nyakathi, 20, uthe kubalulekile ukuthi intsha ihlolele igciwane lengculaza, uthe bafunde lukhulu ngalolu suku.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
News24