Johannesburg – Abazali baseSoweto bengane enezinyanga ezinhlanu eyaqoshwa kwikhamera ihlukunyezwa umzanyana wayo bakhala ngokwenzelwa phansi umthetho ngemuva kokukhishwa kwesigwebo.
Laba bazali ngathi lo mzanyana ushaywe ngoswazi oluncane ngemuva kokuba ezivumele ukuhlukumeza lolu sana lomfana.
Unina walolu sana ocele lingashicilelw aigama lakhe uthe lo mzanyana odabuka eLesotho obevele eNkantolo yeMantshi yaseProtea walivuma icala lokuhlukumeza ingane.
OLUNYE UDABA: Ayikho imali ezokhokhwa uZuma ngowaseNkandla
“Kumele ajeze ngesenzo sakhe,” unina walolu sana esho enanelo ngokuthi bekumele okungenani achithe izinyanga eziyisithupha ngaphakathi ezikhindini “bekuzobangcono kakhulu kunalokhu.”
Lo mzanyana uthole isigwebo esilengisiwe wabe esephuma kanjalo kuleli cala.
Ivideo yalo mzanyana ehlukumeza lolu sana yasabalala ezinkundleni zokuxhumana.
Unina walolu sana uthe ngaphambi kokuthi acuphe ikhamera emzini wakhe uthe kwase kunesikhathi ebona izibazi zokulimala kwindodana yakhe.
Zibonele le video lo mzanyana eshaya lolu sana.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho