Share

Bakhathazekile ngothisha abalala abafundi

Durban –  Inhlangano ye-ANC Womens League KwaZulu Natal isizwakalise ukunengeka nokucasuka ngesenzo sikathisha waKwaNongoma osolwa ngokuba nobudlelwano bocansi nomfundi oneminyaka engu-14 ubudala.

Ngokubika kwe-Timeslive isinxuse othisha ukuba bahlukane nokujola nezingane zesikole, baziphathise okwezingane zabo.

Ngokombiko uNobhala Jikelele wale nhlangano KwaZulu Natal uWeziwe Thusi uthe ukwenyuka kwesibalo sothisha abalala nezingane kuyabakhathaza futhi kumele umphakathi usukume ukunqande lokhu njengoba kusabalala.

OLUNYE UDABA: Bayashoda kakhulu othisha eKZN 
“Kusethuse kakhulu ukuzwa izindaba zokuthi uthisha wasesikoleni iMahlombe CP kwaNongoma ubenobudlelwano bocansi nomfundi walesi sikole futhi useze wakhokhela nabazali ngokulala naye.

Lokhu kuyashaqisa kakhulu futhi asihambisani nhlobo nacho,” kusho uThusi eqhuba ngokuthi uMnyango wezeMfundo kumele ulusumele ngempela lolu daba. “Sonke siyazi ukuthi kuyicala elibomvu ukulala nengane enale minyaka.

Uma amacala alolu hlobo enzeka kumele abazali bawabike ukuze umthetho uthathe indawo yawo,”  eqhuba.

Uthe ukuziphatha kwalabo thisha abenza lo mhlola akugcine nje ngokuhlukumeza lezi zingane emqondweni kodwa kuzifaka engcupheni yokuhaqwa yisifo sesandulela ngculaza nezinye ezithelelelana ngokocansi.  

 

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
34% - 470 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
66% - 897 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
-0.3%
Rand - Pound
23.66
-0.2%
Rand - Euro
20.21
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.19
+0.3%
Rand - Yen
0.12
-0.0%
Platinum
970.80
-0.5%
Palladium
1,021.50
-0.2%
Gold
2,385.62
+0.1%
Silver
28.16
-2.5%
Brent-ruolie
90.10
-0.4%
Top 40
66,902
-2.2%
All Share
73,000
-2.1%
Resource 10
61,638
-3.6%
Industrial 25
98,321
-1.9%
Financial 15
15,650
-1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE