Share

Bakhona ababaziyo ababulali bakaSenzo - Mbalula

Johannesburg - Ababulali bakakaputeni weBafana Bafana uSenzo Meyiwa, bazobanjwa, ndawanathize ukhona umuntu owaziyo ukuthi bangobani ababulali, kusho uNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula.

UMbalula usho kanjena ekhuluma esikhumbuzweni senkonzo yomngcwabo kaMeyiwa, eGoli ngoLwesine ntambama, wathi ababulali noma bangabaleka bafikephi, azophela amahlathi.


"Uma kungabangani benu bakhipheni, uma kuyizihlobo zenu zikhipheni, uma kungamasoka enu enihleli nawo, akhipheni ngoba sothi singafika kuqhawuke unobathana," kuxwayisa uMbalula ekhuluma ngolimi lwesiXhosa.

Funda nalolu daba: Ngyamncanywa uSenzo - Mashaba

UMbalula uthe izwe angeke libe nokuthula kuze kube kubanjwa ababulali bakaMeyiwa, owabulawa evakashele intombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, eKurhuleni.

Inkonzo yesikhumbuzo ihlanganiswe neyomsubathi uMbulaeni Mulaudzi, owashona engozini yomgwaqo eMpumalanga kanjalo neyebhokisa uPhindile Mwelase, owashona ngoMgqibelo ngemuva kokuthi equleke edlala isibhakela.

Abanye abahambele isikhumbuzo kube yisishoshovu somzabalazo uWinnie Madikizela-Mandela, uMengameli weSA Football Association, uDanny Jordaan nomqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 395 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 555 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,011.50
+1.0%
Gold
2,221.35
+1.2%
Silver
24.87
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE