isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Balahlwe elokufuna ukubulala uMandela

2012-08-17 16:23
Pretoria - Abasolwa abahlanu abangamavukela mbuso eBoeremag batholakale benecala lokwakha itulo lokubulala lowo owabe enguMengameli wezwe uNelson mandela.

Abangu-19 kubasolwa abangu-20 sebetholakale namacala okuzama ukuvukela uMbuso.

IJaji u-Eben Jordaan uthole ukuthi amalungu eBoeremag uHerman van Rooyen, Rudi Gouws, nezelamani uJohan, Kobus noWilhelm Pretorius bakhanda itulo lokubulala uMandela owabe ezoqhunyiswa ngebhomu emzini wakhe ngonyaka ka-2002 ngo-Okthoba.

Laba baphinde batholakala benecala lokubulala ngokungenhloso, bashayisa ngemoto uClaudia Mokone waseSoweto.

Abasolwa kuthiwa babekholwa wukuthi uma bebulala uMandela, abantu abamnyama bayothukuthela bahlasela abamhlophe bese ekugcineni bonke abamhlophe begcine beseka iBoeremag.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)