isiZulu

Balindele ngabomvu uZuma

2012-08-09 15:16
Pretoria - Amakhulu abantu babuthene maphakathi nePitoli ngoLwesine ukuzogubha usuku lwabesifazane ekulindeleke ukuthi kukhulume kulo uMengameli wezwe oyisimenywa sosuku.

Phakathi kwabantu abethamele lo mgubho uNdunankulu waseGauteng uNomvula Mokonyane, uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko uPaul Mashatile, uNgqongqoshe wezabesiFazane uLulu Xingwana, noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga, kanye neMeya yaseTshwane uKgosientso Ramokgopa.

UMokonyane utshele abantu ukuthi imali okuzokwakhiwa ngayo isikhungo somphakathi kule ndawo isibekiwe.

"Sinohlelo ngale ndawo. Idolobha laseTshwane lifake ngaphezulu kuka-R8m ngalo msebenzi.

"Kanti njengohulumeni waseGauteng  sibeke uR100 million ukuthuthukisa le ndawo."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ezinye izindaba e- Ningizimu Afrika

«Emuva