Durban - Abantu abahlanu bashonile ezehlakalweni zezingozi zomgwaqo ezenzeke esifundazweni saKwaZulu-Natal, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
NgeSonto ekuseni, kushone umuntu oyedwa kwalimala abathathu ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo iginqika, igqamuka amalangabi.
Ingozi yenzeke eMtshezi, kusho okhulumela abahambisa usizo oluphuthumayo uRobert McKenzie.
Engozini eyenzeke ngoMgqibelo, emgwaqeni ongu-R56, eHarry Gwala District, kushone abantu ababili.
NgoMgqibelo ebusuku kushone ababili engozini eyenzeke ku-N2, eThekwini, abanye abanr bathole ukulimala, kusho uMcKenzie.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.