isiZulu

Bamiswe kabi obhululu bakaSutcliffe

2012-07-03 08:34
Durban - Abahlanu babo baqondiswa izigwegwe, ababili bamisiwe, ababili baphelelwe yizinkontileka kwathi oyedwa wasula emsebenzini, lesi yisimo sakamuva ezikhulwini zikaMasipala weTheku, kubika iThe Mercury.

Kusukela uS’bu Sithole athatha isikhundla sokuba yimenenja yalo masipala ngoFebhuwari kubonakala izikhulu ezithathwa njengobhululu balowo obeqhoqhobele lesi sikhundla uMichael Sutcliffe, zidliwa yizembe.

Izinxusunxushu zakamuva zobuholi nabantu besula ngapha nangapha kushiye amaqembu aphikisayo nohulumeni bebuzana bodwa ukuthi kanti ngubani ophethe iTheku.

Ohola ikhokhasi yeDA uTex Collins uthe kuningi okungahambi kahle kulo mkhandlu: “Kuzoba negebe elikhulu njengoba izikhulu eziningi zishiya. Yisimo esimele ukusukunyelwa. Lo mkhandlu kumele uthenge izimpahla. Umasipala ngeke ukwazi ukulahlekelwa yizimenenja eziningi kangaka ezinyangeni ezimbili bese ulindela ukuthi konke kuzohamba kahle."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

News24

Ezinye izindaba e- Ningizimu Afrika

«Emuva
Ad:Old Mutual Funeral Plan R35/m