Lukwangulo - "Angifuni ukubuyela emuva ekhaya, engakubona ngawami amehlo yikho okwenzangingacabangi ukubuyela emuva,"lawa amazwi kaSakina Okenge, odabuka eDemocratic Republic of Congo.
U-Okenge namanje ukhala izinyembezi uma echaza ngakubona kuhlasela amaphekula aseRwanda.
Funda nalolu daba: Itwetwe ngesifo esingaziwa e-DRC
Baningi abantu base-DRC abathi bancamela ukubhuqwa yindlala kunokubuyela emazweni abo.
Laba bathi babaleka emakhaya bexoshwa amavukela mbuso amaHutu
"Yize noma sahamba sibaleka, angeke ngabuyela emuva. Ngazibonela abantu bebulawa bedlwengulwa," kuchaza u-Okenge etshela abezindaba ze-AFP.
Bayizinkulungwane abantu base-DRC ahlaliswe ezikhungweni ze-United Nations.– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.