Johannebsurg - Bane abantu osekuqinisekiswe ukuthi badutshulwe balimala esehlakalweni okukholakala ukuthi bekungesokuphanga esenzeke empumalanga yeGoli ngoLwesine, kusho abosizo lokuqala.
"Ngingakuqinisekisa ukuthi bane abantu abadutshulwe balimala - Abathathu besilisa noyedwa wesifazane - kanti kukhona nabasesimeni esibucayi kubona,” kusho okhulumela abakwaNetcare 911 uSanti Steinmann.
"Abalimele bathole usizo lokuqala endaweni yesehlakalo base bephuthunyuswa ezibhedlela ezahlukene.”
Funda nalolu daba: Oshayasibhamu bahlasele iMall eGoli.
Uthe kumanje amaphoyisa asendaweni yesehlakalo ayaphenya.
Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uColonel Noxolo Kweza udlulisele yonke imibuzo kuLt-Col Katlego Mogale ogcine engatholakalanga ukuba aphawule.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.