Johannesburg - Bangeniswe esibhedlela abesifazane abathathu abaphuze beqesa okuthize okungaziwa enxanxathela yezitolo iRandBurg, eGoli, ngoLwesine, kusho abezimo eziphuthumayo.
Abezimo eziphuthumayo babathole belele phansi eduze nalapho okungenwa khona enxanxathela yezitolo emgwaqeni uBram Fisher, kusho okhulumela abe-ER24 uWerner Vermaak.
"Omunye wabo ubesesimeni esibucayi."
OLUNYE UDABA: Imiphumela yatshengisa izidakamizwa
"Kuvele kwagcwala inqwaba yabantu bachaza ukuthi le ndawo iyaziwa ngezinto ezingekho emthethweni," kusho uVermaak.
Laba bobathathu badluliselwe esibhedlela iHelen Joseph.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.