Pretoria – Kuthiwa abesifazane abahambe bethenga ezitolo ezisePitoli basengozini yokubanjwa inkunzi njengoba linyuka izinga lamacala avulwa esiteshini samaphoyisa aseBrooklyn.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Colette Weilbach uthe abesifazane abathenga izicathulo “bayinyama” ezigebengwini ngoba kuthiwa uma sebelinganisa izicathulo bashiya izikhwama zabo bengazinakile emabhentshini.
OLUNYE UDABA:Kuboshwe iphoyisa ngokubamba inkunzi
UWeilbach uthe abathengi abazinaki izikhwama zabo uma belinganisa izicathulo noma beqhuba izinqola, kubika iPretoria News.
“Izigebengu zibona ithuba lokwenza ubugebengu, ikakhulukazi kulabo abasuke belinganisa izicathulo,” kusho uWeilbach.
“Izigebengu, ezihamba ngamaqoqo, ziphazamisa abathengi ukuze zibebele izimpahla zabo,” esho.