Usomabhizinisi lo kuthiwa wavala isitolo sakhe ngoMgqibelo wase eyagoduka, wathi esamile esangweni lakwakhe wangungwa isigejane samadoda, kusho owamaphoyisa uColonel Jay Naicker.
"Bamkhomba ngesibhamu bathi akangene emotweni ababehamba ngayo. Bazama nokweba imoto yakhe kepha bahluleka ukuyisusa.”
OLUNYE UDABA: Ulale ebaliwe osolwa ngelokuthumba
Kuthiwa abathumbi babe sebefuna umndeni kasomabhizinisi imali ukuze bamkhulule.
Umndeni wathinta amaphoyisa, abasolwa zabakhalela eMpangeni ngoMsombuluko, batholakala nomakhalekhukhwini abangu-508.
Baboshelwe ukuthumba nokuzama ukuduna imoto.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho