isiZulu

Bashaywe ngoswazi okuncane abe-ANCYL

2012-06-01 15:25
Cape Town - Iqembu i-African National Congress eWestern Cape lishaye ngoswazi oluncane amalungu ophiko lwentsha ahahameza uMengameli uJacob Zuma ngesikhathi ethula inkulumo eKapa ngoFebhuwari.

Amalungu amane avume icala lokungaziphathi kahle ecula amaculo avuna uMengameli wophiko oxoshiwe uJulius Malema.

UZuma wabe ekhuluma eGood Hope Centre, eKapa ngesikhathi ephazanyiswa.

Laba kwamiswa ubulungu babo iminyaka emine nokho isigwebo salengiswa.

Ngesonto eledlule bavele ngaphambi kwekomidi lokuqondisa izigwegwe bahambisa izincwadi zesixoliso.

I-ANC yamukele izincwadi yabayalela ukuthi bangene esikoleni sezepolitiki kuze bezofundiseka.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

News24

Ezinye izindaba e- Ningizimu Afrika

«Emuva
Ad:Insure your car with iWYZE