Share

Bathi uthathwe ngokhokho bakhe owele emgodini

Johannesburg - Owesilisa waseMissionvale ePort Elizabeth oshone ngemuva kokuwela emseleni ombiwe ngabasebenza emgwaqeni kuthiwa ubulawe ngokhokho bakhe.

Akukacaci noma ubulewe wabe esefakwa kulo msele obugcwele amanzi nodaka noma ushibulikile wawela phakathi, kodwa abomndeni wakhe bayaphikelela ekutheni ushone ngenxa yokuziba ubizo lwakhe lokuba yisangoma.

Ubulawe ngokhokho ngoba enqabile ukuyothwasa, basho kanje ngesikhathi bebukele uSiphiwo Nelani, 44, elele phansi ngoMsombuluko ekuseni.

OLUNYE UDABA: Sisola isandla semfene isangoma esidle imbumba emahhashini

U-Anti kamufi utshele abeDaily Sun ukuthi: "Ugogo wakhe wayeyisangoma kanti naye ubenobizo lokuba yisangoma."

Oyinduna eCivil 2000 construction, uLunga Mgoqo, uthe: "Siqale ngokumpompa amanzi emvula emseleni ekuseni ngezithuba zabo-07:30, ngezithuba zabo-08:45 kwakhona esikubonayo odakeni. Sivele sashaqeka sesibona ukuthi yisidumbu sendoda."

UMgoqo uphinde wathi babize amaphoyisa nezakhamuzi okuyizo ezimhlonzile.

Ngemuva kokukhishwa kwesidumbu sakhe amafu ahlakazekile.

Ezinye zezakhamuzi ziyakuphikisa okokuthi ubulawe ngokhokho bakhe, kubika iDaily Sun.

"Yingoba akukhanyi emgwaqeni," kusho isakhamuzi esineminyaka engu-23 ubudala.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
66% - 579 votes
No! It's time to move on ...
34% - 301 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+0.0%
Rand - Pound
23.78
+0.1%
Rand - Euro
20.39
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
931.40
+0.6%
Palladium
994.00
+0.4%
Gold
2,334.95
+0.1%
Silver
27.51
+0.3%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
0.0%
All Share
74,329
0.0%
Resource 10
62,119
0.0%
Industrial 25
102,531
0.0%
Financial 15
15,802
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE