UWarrant Officer Gerda Swart uthe labafana babezihambela ngoLwesine ekuseni ngesikhathi behlaselwa yizinyosi bangena emanzini iLapland Dam.
Abanye babo bazama ukuphuma emanzini kodwa abathathu abakwazanga ukuphuma.
Abanye babafana baya emakubo ukuyobika ngokwenzekile. Abazali bazama ukuya endaweni yesigameko kodwa basheshe basuka ngenxa yesimo sendawo.
Isigameko sabikwa emaphoyiseni ngezithuba zabo-21:00 ebusuku.
OLUNYE UDABA: Kuthungathwa umfana odukile eKZN
Kube sekukhishwa ithimba ukuba liyothungatha kodwa nalo alijkwazanga ukuqhubeka nokuthungatha ngoLwesine ebusuku.
Ukuthungathwa kuqhubeke ngoLwesihlanu ekuseni kwatholakala izidumbu zabafana ababili.
Kuyaqhubeka ukuthungathwa kkomfana wesithathu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho