Abamangali bakhala ngokuthi i-SANDF iyaqhubeka nokucwasa amalungu amasha ekutheni ajoyine lo mbutho ngenxa yalesi sifo yize inkantolo yakhipha umyalelo ngalolu daba eminyakeni eyisithupha eyedlule.
Umthetho omdala we-SANDF wawuthi abantu abaphila naleli gciwane ngeke baqashwe futhi ngeke batshalwe kwamanye amazwe noma banyuselwe ezikhundleni, ngokusho kwaleli phephandaba.
Ngo-2008, le nkantolo yakhipha isinqumo esithi ukuhlolwa igazi kwamalungu alo mbutho azofesa kuphambana namalungelo awo.
I-Aids Law Project [nesiyingxenye yeSection27 manje] yaphonselela lo mbutho inselelo ngokukhishwa inyumbazane kwamalungu aphila naleli gciwane, yize eyengakwazi ukwenza umsebenzi.
Lokhu kwaholela ekutheni kube nemigomo emisha ngo-2009 nokwakuhloswe ngayo ukuthi kuqedwe ngalokhu kucwasa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter