isiZulu

Bayanda abagxeka umdwebo omusha

2012-07-06 16:43
Johannesburg - Iqembu elibusayo i-African National Congress nalo seliwugxekile umdwebo kaZapiro okhishwe ephephandabeni iMail and Guardian lathi wehlisa isithunzi sikaMengameli uJacob Zuma.

Iqembu lithi umdwebo ubukela phansi uZuma nomndeni wakhe kanjalo nobuholi beqembu.

“Siyi-ANC sethukile ngomdwebo kaZapiro. Siwuthola ungemukelekile futhi wethusa. Kuyaxaka ukuthi iphephandaba iMail and Guardian lingafuna ukulokhu liqhubeka nokungcofa umengameli nomndeni wakhe kanjalo neqembu,” kusho isitatimende seqembu.

Iqembu lithe licela uZapiro kanjalo nephephandaba ukuthi baxolise kumengameli nakubona bonke abahlukunyezwe yisithombe

Uphiko lwabesifazane eqenjini nalo phambilini luzwakalise ukuwugxeka umdwebo lwathi uZapiro uphethwe ngukwedelela.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)