Amacala enziwa eMtubatuba.
ULeornard Shoti Gina, 47, noSandile Ngwenya, 26, bagwetshwe udilikajele ngecala lokubulala uReita van Vuljk, 66, owatholakala eshonile mhlaka-5 Mashi, emzini wakhe oseNkangala, kusho uCaptain Thulani Zwane.
"Amaphoyisa abizwa emzini kamufi, ngemuva kokuthi isihlobo sibone amachaphazela egazi. Amaphoyisa afica umufi enenxeba lokugwazwa nokudutshulwa, kwatholala ukuthi kukhona impahla eyebiwe.”
Ngemuva kwezinsukwana kwabe sekuboshwa uGina noNgwenya, abahlala eJozini.
Baphinde banikwa iminyaka engu-15 ngecala lokweba, emihlanu ngelokuthumba kanjalo neminyaka engu-15 kwelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.