Pietermaritzburg - INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu igwebe abadlwenguli ababili odilikajele ababili umuntu emunye ngamacala okugqekeza nokudlwengula, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
U-Eric Baphelele Makhanya, 36, noMsawakhe Tasolo Ndlovu, 36, balahlwa ngamacala ngoLwesibili ngemuva kokuwavuma, kusho uColonel Jay Naicker.
NgoJuni 5 nonyaka, owesifazane, 28, wase-Eston wahlaselwa elele emzini wakhe ngabo-22:45.
Kuthiwa wakhohlwa ukukhiya umnyango, wezwa esevuswa nguNdlovu noMakhanya bemfuna imali.
"Babe sebemboza ngomqamelo nengubo yokulala bathatha impahla yakhe ngaphambi kokumdlwengula," kusho uNaicker.
Amaphoyisa alunywa indlebe nokwaholela ekutheni abophe uMakhanya noNdlovu eMbumbulu.
“Laba bawavuma amacala abo base begwetshwa."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter