Johannesburg - INkantolo eNkulu yasePitoli iyalele uNgqongqoshe wamaphoyisa ukuba akhokhe u-R360 000 ngamademeshe – noma uR90 000 umuntu emunye kubantu abane abashaywa ngamaphoyisa emzini osePorterville eWestern Cape ngo-2012.
Abangani, uJonathan Daniels noJonathan Constable kanye nezelamani u-Evert no-Adam Faro baya enkantolo, bekhala ngokuthi namanje basathukile futhi sebeyawesaba amaphoyisa.
Bachazele inkantolo ngokwenzeka ngezintathakusa ngesikhathi amaphoyisa efika ezofuna izidakamizwa, angazitholanga.