Cape Town – Kusuke isinyokotho esiteshini sesitimela eKapa emini ngoLwesibili ngesikhathi ushayasibhamu evulela ngenhlamvu ebhekise kubagibeli ngaphambi kokuba azibulale, kusho abazibonele.
“Engikuzwile nje ukuqhuma kwesibhamu- ‘bang bang bang’ – ngabe sengibaleka impilo yami,” kusho uShaun Jeroma kwabeNews24.
“Ngibone indoda iphakamisa isibhamu yabe isivulela ngenhlamvu. Amehlo ami agcwale izinyembezi ngoba bengicabanga ukuthi ngizofa.”
Funda nalolu daba: Ingane itholakale idlala ngezisumbu sikanina
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant André Traut utshele iNews24 ukuthi kuyaphenywa.
Ushayasibhamu ongaziwa uzibulalele e-platform 24, usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.