isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Bengifuna ukuyofa nabo - Owenyunyana

2012-08-17 16:23
Johannesburg - Ukunxusa okusuka ekujuleni kwenhliziyo kwedluliswe kubavukuzi basemayini iLonmin, eMarikana eNorth West ngaphambi kokuthi amaphoyisa abavulele ngenhlamvu.

"Ngibatshele ukuthi abahambe....ngibancengile...ngancenga ngiphindelela," kusho uJoseph Mathunjwa ongumengameli wenyunyana i-Association of Mineworkers and Construction Union.

UMathunjwa obehluleka nokukhuluma ngenxa yezinyembezi utshele abezindaba ngalokho okwenzeke ngaphambi kokudubula.

"Ngibancengile abasebenzi: 'Kusobala ukuthi bazonibulala'," ephinda amazwi akhe awasho ekhuluma nababhikishi.

Ngaphambi kokuhlaselwa kwababhikishi, kubonakale uMathunjwa eguqe ngamadolo encenga abasebenzi ukuthi basuke la bekade beqhinqe khona nezikhali.

"Sibe sesisuka nezinye izikhulu zemayini sihamba, ngemuva kwalokho ngithole ucingo ngitshelwa ukuthi sebedutshuliwe. Nami bengifuna ukubuyela emuva ngiyofa nozakwethu," kusho uMathunjwa esula izinyembezi.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Funeral Cover from R29/m
«Emuva
Ad:Standard Bank Life Cover