Share

Bopha Bhakabhaka, kusho undunankulu

Durban - UNdunankulu waKwaZulu-Natal uSenzo Mchunu, ungene enkundleni iMoses Mabhida, wafingqa wabopha wena owabona kwenza iBhakabhaka ngaphambi komdlalo.

UMchunu wenze lokhu ehlonipha isilomo somdlali webhola uSenzo Meyiwa, obegijima eqenjini lesizwe iBafana Bafana ne-Orlando Pirates.

Izikhulu nabalandeli bebhola sebethelekile enkundleni okuzophelezela uMeyiwa, oshone ngeSonto ebusuku, ngemuva kokuthi edutshulwe wabulawa eseVosloorus, kubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo.

Funda nalolu daba: Libafazi bedube inyama komaMeyiwa

Undunankulu uhambisana nezinye izikhulu zikahulumeni ekukhona kuzo noNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo, uSibongiseni Dhlomo, ofike ngezithuba zawo-09:30, ekuseni.

Omunye wabahambele inkonzo yomngcwabo, uBongani "Mzekebhaka" Tshabalala, uphethe uqwembe oluphakamisa umkhankaso wokuthi kubuyiswe esikhundleni sikakhomishana, uBheki Cele.

"Ukwehla kwale ngozi kukhombisa ngokusobala ukuthi kumele kubuyiswe uBheki Cele. Kumele buphele nya ubugebengu," kusho  uTshabalala onguSihlalo wabalandeli beBhakabhaka eKatlehong.

Uphiko lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority, luqnisekise ukuboshwa kukaZenokuhle Mbatha, 25, ekuthiwa uyathinteka esehlakalweni sokubulawa kukaMeyiwa.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 446 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 944 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE