Pretoria – Ikhomishana kaFarlam ngoLwesibili ihambele izindawo okwadutshulelwa kuzona ababhikishi baseLonmini ngo-Agasti 2012.
UMatthew Chaskalson ohola ubufakazi uyena obehola ithimba lokhomishana, abameli, izintatheli, abavukuzi abasinda kanye nabafelokazi ngesikhathi kuhlolwa indawo ngasegqumeni eWonderkop, eMarikana, eNorth West.
Kubonakale abanye abavukuzi begqoke izikibha ze-Economic Freedom
Fighters nabanye abafelokazi begqoke okunemibala ye-Association of Mineworkers
and Construction Union (Amcu).
Funda nalolu daba: Kuzohanjelwa izindawo zesibhicongo eMarikana.
Uma kuqhathaniswa nangesikhathi esedlule, bebebancane abafelokazi nabavukuzi abebekhona endaweni yesehlakalo.
Nezokuphepha beziqinile njengoba bekukhona amaphoyisa abephelezela ithimba kanye nezimoto yazo ezinkulu.
NgoSepthemba 8 kwadingeka ukuba kumiswe ukuhlolwa kwendawo yesehlakalo
ngenza yezimo zokuphepha.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.