Share

ElaseZimbabwe ligxeke uMalema ngokuqhakambisa uMugabe

Cape Town - Iqembu eliphikisayo eZimbabwe i-MDC eliholwa uMorgan Tsvangirai ligxeke umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema ngokuqhakambisa uMengameli Robert Mugabe.

UMalema waphenduka undabamlonyeni ngeledlule ngesikhathi etshela izintatheli kwingqungquthela yabezindaba eGoli ukuthi izinkinga zaseZimbabwe azidalwa uMugabe kodwa zidalwa “ogombelakwesabo”.

“UMengameli uMugabe uyena yedwa umholi owaziyo ukuthi ukuze kube khona ushintsho kubantu base-Afrika kumele kube nobunzima nobuhlungu, nokuyinto eyenzakalayo eZimbabwe njengamanje,” etshela izintatheli.

UMalema uphinde wathi uMugabe uyisishoshovu soqobo njengoba esaqhubeka nokuhola iqembu lakhe ukuze kube nezinguquko zomnotho eZimbabwe.

OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili owavuma ukufunza izingane iRattex

Iqembu likaTsvangirai i-MDC liyihlabile le nkulumo kaMalema njengoba okhulumela leli qembu u-Obert Gutu ethe lo mholi ukhuluma into angenayo ulwazi olugcwele ngayo.

Ngokubika kweDaily News uGutu uchaze uMalema njengonda enomqondo “ongathathi kahle”.  

“Kuyacaca ukuthi lokhu okubhenywa uMalema sekuqala ukuba nomthelela ngendlela acabanga ngayo.

Ukuthi umuntu alibeke ngembaba ukuthi uRobert Mugabe akuyena okumele asolwe ngezinkinga zaseZimbabwe, lowo muntu kuyacaca ukuthi unengqondo engathathi kahle,” uGutu ecashunwa.

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 813 votes
No! It's time to move on ...
33% - 406 votes
Vote
Rand - Dollar
18.92
+0.5%
Rand - Pound
23.67
+0.5%
Rand - Euro
20.30
+0.5%
Rand - Aus dollar
12.36
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.60
+0.0%
Palladium
980.50
-1.0%
Gold
2,347.56
+0.7%
Silver
27.60
+0.6%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,208
+1.1%
All Share
75,143
+1.1%
Resource 10
62,757
+1.0%
Industrial 25
103,884
+1.3%
Financial 15
15,940
+0.9%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE