Cape Town – Iqembu lezepolitiki i-United Democratic Movement seliphakamise ukuthi kube nosuku lokuhlonipha isigameko sokubulawa kwabavukuzi eMarikana esenzeka ngo-2012.
Umsunguli waleli qembu uBantu Holomisa ubhalele uMengamelo Jacob Zuma ephakamisa ukuthi usuku lwangomhlaka 16 ku-Agasti lubizwe ngeNational Marikana Day.
“Siphakamisa ukuthi umhlaka 16 ku-Agasti uhlonishwe kube wusuku lokukhumbula ababulawa ngesihluku amaphoyisa futhi lubizwe ngeNational Marikana Day.
Lokhu kuzophinde kube yisikhumbuzo kwisizukulwane esizayo ukuthi intando yeningi ayifikanga kalula futhi abebesemandleni bawasebenzisa kanjani amandla abo ukuqhubeka ukucindezela abampisholo,” kusho uHolomisa.
OLUNYE UDABA: Bathi uthathwe ngokhokho bakhe owele emgodini
Kule ncwadi ebhalelwe uZuma uHolomisa uthe umbiko weKhomishana kaFarlam waseMarikasa awenzanga mehluko.
“Isizwe nemindeni yabashona ngalolu suku balinda lo mbiko ngethemba lokuthi kuzoba khona izinyathelo ezizathathelwa ababa nesandla kodwa kunalokho namanje basasele nemibuzo ngokubulawa kwamalungu omndeni wabo.”
Uthe lo mbiko awuqhamukanga nazimpendulo futhi wakhulula nosopolitiki abathintekayo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho