isiZulu Ama site/IZINHLELO >

I-ANC ayingasebenzisi kabi amandla - Motlanthe

2012-06-15 08:05
Johannesburg - Iqembu elibusayo i-ANC akumele njalo lisebenzise amandla nobuningi bamalungu ngaphakathi ePhalamende ngoba lifuna ukuphasisa imithetho, kusho iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe.

Umthombo wakwaSABC ucaphune uMotlanthe ethi kumele iqembu lisebenzise ulimi ukuqinisekisa ukuthi luyaziwina izinkulumo zangaphakathi ePhalamende.

"Uma iqembu lizothembela ebuningi balo angeke umbono loyo ophasisiwe usebenze ngendlela ebihlosiwe, lokho kuyolimaza kakhulu abantu baseNingizimu Afrika neqembu," kuchaza uMotlanthe.

Lokhu kuvele ngesikhathi uMotlanthe ekhuluma ethula isifundo ngoHarold Wolpe, eLiliesleaf Farm eGoli.

Kuthiwa uMotlanthe ubuye wakhuluma ngezinhlangano eziwumbimbi neqembu ikakhulu iSA Communist Party, kuthiwa uthe: "Ngabe i-ANC iyayidinga i-SACP? Impendulo ithi cha."

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)