Johannesburg - Intatheli engumthebuli wezithombe kwi-Sowetan, u-Elijar Mushiana, izokhunjulwa ngokuzinikela nangokusebenza ngokuzikhandla, kusho uKhongolose esifundazweni saseLimpopo ngoMsombuluko.
"Ukhongolose eLimpopo ujabhile ngokudlula kuka-Elijiar Mushiana, intatheli yeSowetan ethwebula izithombe, esebenzela eLimpopo, kusho okhulumela iqembu esifundazweni, uKhumbudzo Ntshavheni esitatimendeni.”
"Ubengomunye walabo abaphuma kwi-community print media space obedlisa kweze-print media.”
"Ngisho noma engasekgho emhlabeni, kumele kukhulunywe ngezindaba zakhe ezizogqugquzela labo abafisa ukungena emkhakheni wezindaba.
Ibingakatholakali imininingwane ngokushona kwakhe.
"Sithi alwehlanga lungehli emndenini nakozakwabo kwi-Sowetan kanye nabezindaba jikelele," kusho uTshayvheni.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter