Cape Town - Iqembu le-ANC ngoLwesihlanu likwamukele ukuqokwa kukaGengezi Mgidlana njengonobhala omusha ePhalamende.
Ukuqokwa kukaMgidlana kugunywazwe yiPhalamende kanye neNational Council of Provinces ngoLwesine ebusuku.
"UMgidlana, oneziqu kwezomthetho, uke waba
unobhala wesishayamthetho saseGauteng, waba yiphini lomqondisi jikelele
ehhovivi likamengameli, waphinde wasebenza iminyaka emine kwiNepad [the New
Partnership for Africa's Development]," kusho usotswebhu omkhulu we-African
National Congress uStone Sizani.
Funda nalolu daba: Owe-ANC ufuna ukungibulala - Lili.
“Sinethemba lokuthi amava akhe azokwenza umehluko okhulu ekuqiniseni ukusebenza kwePhalamende,” usho kanje.
Isikhala sikanobhala wePhalamende savuleka
ngesikhathi kudlula emhlabeni uMichael Coetzee ngoJuni.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.