"I-African National Congress iyayihlaba imibiko ethi kunokungezwani okukhona phakathi kukaZuma noMantashe,” kusho okhulumela uKhongolose, uZizi Kodwa.
"Izikhulu ze-African National Congress zisebenzisana kahle ekuqinisekiseni ukuthi konke kuhamba kahle kule nhlangano.”
OLUNYE UDABA: Alukho uqhekeko ku-ANC - Gigaba
IMail & Guardian ibike ngoLwesihlanu ukuthi uZuma washaya ngesithende uMantashe, wamhlambalaza esidlangalaleni waphinde watshela ongqongqoshe ukuthi bamshaye indiva.
Leli phephandaba lithi yonke imithombo elikhulume nayo esesigungwini esiphezulu se-ANC, ikubeka ngokusobala ukuthi uZuma akasahoshelani noMantashe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho