Share

I-ANC iqinisekise ukudutshulwa kukaMthembu

Johannesburg - I-African National Congress isikuqinisekisile ukuthi lungu layo ePhalamende uJackson Mthembu udutshulwe ebusweni ngesikhathi ekhipha imali emshinini eWitbank, kusho amaphoyisa aseMpumalanga ngoMsombuluko.

UMthembu ubesebenzisa umshini wase-Absa eMandela Street, eWitbank ngeSonto, ngesikhathi amadoda abehlomile emhlasela, kusho uBrigadier Selvy Mohlala.

"Umsolwa uqhamuke ngemuva kukaMthembu wamkhomba ngesibhamu wamyalela ukuba akhiphe imali emshinini.

"UMthembu ube esephenduka kanti uzodubuleka esihlathini.”

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe amabhungu amabili eKapa

UMohlala uthi umsolwa nabehamba nabo abathathu babe sebeya emotweni kaMthembu bathatha imali namaselula abangani bakaMthembu.

"UMthembu ube esephuthunyiswa esibhedlela, nalapho esesimweni esibucayi kepha esethembisayo khona,” kusho uMohlala.

Ilungu lomndeni litshele iphephandaba iThe Citizen lathi: “Asazi kahle ukuthi kwenzekeni, kepha uJackson yena udutshuliwe. Sikhathazekile futhi sisashaqekile.

"Akucaci ukuthi udutshulwe amahlandla amangakhi, ngikhuluma nawe nje usesibhedlela.”



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 419 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 886 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE