Share

I-ANC ithi siyathembisa isimo sikaMthembu e-ICU

Johannesburg – Okhulumela inhlangano ebusayo i-African National Congress uZizi Kodwa uthe ilungu layo lePhalamende uJackson Mthembu usesimeni esigculisayo nakuba esegunjini labagula kakhulu esibhedlela eMalahleni Private. 

“Usemoyeni okahle futhi uyakhuluma kodwa odokotela basafuna ukumxilonga,” kusho uKodwa.

UMthembu wadutshulwa ngeSonto ebanjwa inkunzi ngesikhathi ekhipha imali kwi-ATM.

 “Usengaphakathi egunjini labagula kakhulu kodwa akuyona into etheni,” kuveza uKodwa.

OLUNYE UDABA: I-ANC iqinisekise ukudutshulwa kukaMthembu

Kuthiwa uMthembu wabe ekhipha imali emgwaqweni uMandela eWitbank ngesikhathi ehlaselwa ngowesilisa owayehlome ngesibhamu owamphoqa ukuthi akhiphe yonke imali yakhe.

Kubikwa ukuthi uMthembu wagoloza kwabe sekusuka udweshu nokuyilapho adubuleka khona.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala uthe uMtehembu wadubuleka esihlathini. 

Uthe ngemuva kokudubuleka kukaMthembu owesilisa owayephethe isibhamu nabanye abathathu ayehamba nabo baqonda emotweni baphuca abangani imali nomakhalekhukhwini ngaphambi kokuthi bacele empunzini.

UMohlala uthe amaphoyisa asevule icala lokubabamba inkunzi.  

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 453 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 970 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE