isiZulu

I-ANCWL ihlabe umdwebo ngoZuma

2012-07-06 14:13
Johannesburg - I-ANCWL igxeke umdwebo kaZapiro obandakanya isitho sangasese sowesilisa simile, nokhishwe ephephandabeni ngoLwesihlanu, bathi manje lo mdwebi usedlalela ngasezitsheni ezifayo.

"UDavid Shapiro useyadelela-ke manje," kusho lolu phiko esitatimendeni.

Kulo mdwebo, uZapiro udwebe isitho sangasese sowesilisa esinobuso nemilenze sase siba nekhanda elineshawa sizibuka esibukweni.

Kube sekuba khona nokusayina kukaBrett Murray negama leGoodman Gallery kuwona lo mdwebo.

Lolu phiko lukhala ngokuthi uZapiro udelela "uhlelo lokuzikhotha amanxeba" leli lizwe elikulo njengamanje.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

SAPA
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)