Johannesburg - IDemocratic Alliance esifundazweni saKwaZulu-Natal isiyamukele ukumiswa kwemeneja kaMasipala waseMtubatuba, ngemuva kwezinsolo ezithinta ukukhwabanisa.
IMeneja emisiwe nguSiyabonga Ntuli.
"Njengoba ezobe ethola wonke umholo wakhe ebe engasebenzi, kumele kwenziwe uphenyo ngokushesha," kusho umkhulumeli weqembu uGeorge Mari.
NgoLwesithathu, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana noHulumeni, uveze ukuthi uNtuli uzomiswa emsebenzini, aholelwe imali yakhe injengoba injalo.
Funda nalolu daba: Votelani i-DA nifundise uZuma isifundo
Umkhulumeli woMnyango uLennox Mabaso, uthe uNtuli ubhekene nezinsolo zokungaziphathi kahle ngesikhathi kukhishwa ithenda ethize.
Kukholakala ukuthi wephula umthetho obekelwe izimeneja zomasipala iMunicipal Property Rates Act.
"I-DA ilindele ukuthi kwenziwe uphenyo ngokushesha, uma umsolwa etholakala enecala, kofanele ungqonqgoshe athumele umlayezo nakwabanye abacabanga kwenza inkohlakalo."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.