Ngokubika kwezindaba ze-SABC lokhu kuvele ngesikhathi uKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega ekhipha imiphumela yeminyaka ka-2014 ebubhekwe ngabomvu yizinhlaka ezahlukene kuleli nangaphandle.
OLUNYE UDABA: Kugwazwe owesifazane ekhaya lakhe e-EC
UPhiyega ephawula kwingqungquthela yabezindaba uthe ziningi izinto ezingadala ukuthi senyuke isibalo sokubulawa kwabantu.
“Phakathi kwezinto ezenza ukubulawa kwabantu kwenyuke ezifundazweni, iWestern Cape ukulwa kwamaqembu, e-Eastern Cape naKwaZulu Natal udlame lwamatekisi nokulwa kwezigodi.
Kanti okunye kungadalwa wukusetshenziswa kwezidakamizwa notshwala,” kusho uPhiyega.
Izinga lokubulawa kwabantu e-Eastern Cape kwenyuke ngo-5% okuchaza ukuthi bangaphezulu kuka-800 ababulewe ngabantu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho