Cape Town – Iqembu lezepolitiki eliholwa uJulius Malema i-EFF lihlabe
inkulumo kaNgqongqoshe wezekuHlaliswa kwaBantu uLindiwe Sisulu yokuthi abantu
abangaphansi kweminyaka engu-40 ubudala ngeke besazithola izindlu zomxhaso.
I-Economic
Freedom Fighters ithe le nkulumo kaNgqongqoshe ikhombisa ukuphoxa nokubukela
phansi abantu abahlwempu.
“Lokhu
kuwukudelela abantu abantu abampisholo futhi kukhombisa ngokusobala ukuthi
uhulumeni ongaphansi kwe-ANC awubakhathalele abahluphekayo,” kusho isitatimende
esikhishwe yi-EFF ngoLwesihlanu.
NgoLwesibili
uSisulu utshela abezindaba ukuthi eThekwini ukuthi abantu abangaphansi
kweminyaka engu-40 ubudala ngeke besazithola izindlu zomxhaso zikahulumeni.
OLUNYE UDABA: Luyaqhubeka elokuziphatha kwe-EFF ePhalamende
“Alikho
ilizwe engilaziyo elinikezela ngezindlu zamahhala kubantu abasebasha. Izindlu
zamahhala ngokuhamba kwesikhathi zizogcina seziyinto yomlando.
Nina bantu
abasebasha anilahlekelwanga yilutho ngenxa yobandlululo,” kusho uSisulu.
I-EFF isole uhulumeni ngokuzama ukwenza abantu
abasha babe ngondingasithebeni.
“Bahlose ukuphendula abantu abasha babe ngohobo
njengoba behluleka ukubakhela amathuba emisebenzi nemfundo esezingeni,” kusho
leli qembu.
“Uma kungabibikho imfundo esezingeni namathuba emisebenzi esagqoza,
uhulumeni kumele aqhubeke nokunikezela ngezindlu ezisezingeni kubantu
abahluphekayo.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho