Johannesburg - Iqembu i-Economic Freedom Fighters lamukele ukwesula esikhundleni kukaSihlalo we-Electoral Commission (IEC), uPansy Tlakula, lathi ukwenza kwakhe kungukucabangela ngendlela intando yeningi.
“I-Economic Freedom Fighters iyakwamukela ukwesula kukaSihlalo we-IEC, uPansy Tlakula, owesule ngemuva kokubandakanyeka ekungahambisini ngendlela izinto kwi-IEC," kusho umkhulumeli weqembu uMbuyiseni Ndlozi.
“UTlakula ubeyisiphazamiso ekuqhutshweni ngendlela kwentando yeningi ngoba ubethengeka.”
UTlakula umemezele ngokushiya kwakhe isikhundla ngoLwesibili, uhambise incwadi yakhe yokwesula kuMengameli wezwe uJacob Zuma.
“Ngishiya isikhundla ngingeneme kahle. Ngithanda ukubonga uMengameli, iPhalamende nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi izinhlaka ezikhuthaza intando yeningi," kusho incwadi kaTlakula.
UTlakula uthi usebenzele ikhomishana iminyaka engu-13, ngaphandle kokuchema nokwenzelela, ube esebonga amaqembu ezombusazwe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.