Johannesburg - I-Economic Freedom Fighters isivikele isenzo sayo esidale uthuthuva kwaphazamiseka nokusebenza kwePhalamende.
Okhulumela iqembu uMbuyiseni Ndlozi uzwakalise izizathu ezintathu ngombhikisho oqubuke ePhalamende ngoLwesine.
"UMengameli Jacob Zuma akazange awuphendule umbiko woMvikeli woMphakathi othi kwasetshenziswa imali yabakhokhintela kulungiswa umuzi wakhe ngakho leyo mali kumele ayikhokhe," esho esitatimendeni.
"Umengameli Zuma uphinde wahluleka ukuphendula umbuzo kamengameli we-EFF wokuthi uzoyikhokha nini le mali, wasitshela umbhedo ngokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa nguye okumele anqume ukuthi le mali ikhokhwa ngubani."
Uthe isizathu sokugcina ngesokuthi umbiko kaThuli Maondela kumele uhlonishwe ngoba ihhovisi lakhe liyisikhungo esingaphansi kukaChapter Nine.
UNdlozi uthe isenzo sikaZuma "sitshengisa ukubukela phansi iPhalamende" kanjalo noMadonsela.
Kusuke isidumo ePhalamende amalungu e-EFF esho ukubambana ngezandla nawe-ANCYL kubangwa yona le ndaba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter