Cape Town – Iqembu le-Economic Freedom Fighters lingakwazi ukwelulela uSomlomo wePhalamende , uBaleka Mbete, isikhathi kuze kube uMsombuluko ukuze aphendule ngazokwenza ngemuva kokubekelwa umnqamulajuqu kulandela izinhlelo zakhe zokubamisa ePhalamende.
“Sixoxisana nabameli bakhe okwamanje,” kusho ilungu le-EFF ePhalamende, uMbuyiseni Ndlozi, etshela iSapa ngeSonto.
UNdlozi ukuqinisekisile ukuthi abameli baMbete baziphenzulile izincwadi ezingu-25 ezathunyelwa amalungu e-EFF ePhalamende ngoLwesihlanu, okuyizincwadi ezazithunyelelwe uMbete, kanti ucele ukwelulelwa isikhathi ukuze aphendule.
I-EFF ixwayise
ngokuthi uma uMbete engavumelani nabo, bazolibhekisa enkantolo ngemizamo
yokuthi kuguqulwe isinqumo sakhe uMbete sokumisa amalungu e-EFF ePhalamende.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.