"Asisamuthembi usomlomo ngenxa yokuthi ukhetha iphela emasini njalo uma kuqhubeka izingxoxo,” kusho ilungu lePhalamende ku-Economic Freedom Fighters uKhanyisile Litchfield-Tshabalala ePhalamende.
Uthe kumele kudingidwe ngale ndaba wathi uMbete ubukeka engazazi ukuthi uyiliphi.
OLUNYE UDABA: Bahlela ukugudluza uMbete ePhalamende
"Uyambona nje ngisho ebusweni ukuthi uxakanisekile, ngisho azi ukuthi kumele aphathe ngokungakhethi, inhliziyo yakhe iyamdukisa aye ngakulokhu okubeka isinkwa etafuleni kuyena."
ULitchfield-Tshabalala uthe ukukhetha kukaMbete sekufike la beciceka khona.
"Sijoyina i-DA ekutheni kuvotwe kukhonjiswe ukungahambisani nendlela uMbete aqhuba ngayo umsebenzi,” esho, nokulandelwe ukuthi ahhahhanyezwe abeqembu eliphikisayo.
I-UDM neCope nabo bahambe phezu kwala mazwi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho