Share

I-IFP ifuna kuvulwe kabusha amakolishi othisha

Durban – Iqembu leNkatha Freedom Party KwaZulu Natal seliphakamise ukuthi uhulumeni aphinde avule amakolishi okufundela ubutishela.

Ngokombiko leli qembu liveze lokhu esitatimendeni elisikhiphe ngoMsombuluko.

“Sikholelwa ekutheni ukuvalwa kwalamakolishi kunomthelela kwinkinga yothisha esibhekene nayo,” kusho ilungu le-IFP esiShayamthetho saKwaZulu Natal uThembeni kaMadlopha-Mthethwa kwisitatimende.

“La makolishi akhiwa ngesikhathi kusabusa i-IFP KwaZulu Natal kanti uhulumeni okhona manje akalibonanga ikusasa kuwona njengoba wawavala.”

Umbiko uveza ukuthi lowo owayenguNgqongqoshe wezeMfundo eNingizimu Afrika uKader Asmal waba yingxenye yokuvalwa kwala makolishi.

OLUNYE UDABA: Bathuka izanya abe-IFP e-KZN

Kuvela ukuthi ngo-2008 uJacob Zuma waveza ukuthi ukuvalwa kwala makolishi akubanga yisinqumo esiphusile ngesikhathi evakashele eRichards Bay.

“U-Asmal uyindoda ekholelwa ekutheni wazi yonke into.

Lesi sinqumo saba simbi okudlula uhlelo lobandlululo kwezemfundo,” kusho uZuma ngesikhathi esanguMengameli we-ANC.

Kubikwa ukuthi u-Asmal wasula ePhalamende ngonyaka ofanayo ngemuva kokuba enqabe ukuvotela ukuthi kuhlakazwe oFezela.

U-Asmal wadlula emhlabeni ngo-2011.

UKaMadlopha uthe kumele la makolishi asheshe avulwe ukunqanda izinkinga ezibhekene nothisha.

“Ukushoda kothisha kuseyinkinga futhi kusazoqhubeka uma ingalungiswa indaba yala makolishi ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya,” esho.


     -
“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Now that e-tolls gantries have been switched off, will you be settling your outstanding debt?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No way, they're not getting a cent from me
88% - 1803 votes
Yes, I guess it's the right thing to do
4% - 75 votes
Mmh, I'm watching legal cases and playing it by ear
8% - 174 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+0.2%
Rand - Pound
23.68
-0.1%
Rand - Euro
20.29
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.24
-0.4%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
952.30
-2.4%
Palladium
1,036.00
+1.3%
Gold
2,371.75
-0.5%
Silver
28.27
+0.6%
Brent Crude
90.02
-0.1%
Top 40
66,899
0.0%
All Share
72,995
-0.0%
Resource 10
63,378
+2.8%
Industrial 25
97,824
-0.5%
Financial 15
15,384
-1.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE